Izimpawu ezintsha zezwe ziwumklomelo ophezulu kakhulu, ngesandla sikaMongameli izwe elingazinikeza izakhamizi, kanye nabanye abantu abahlonipheke kakhulu bamazwe angaphandle. UMongameli ungumsuka (umgcini, insika, kanye nomthombo omkhulu) wenhlonipho ezweni, kungakho uMongameli kunguyena onikeza imiklomelo yenhlonipho kanye nokunikeza iziphandla zemvunulo yenhlonipho.
INingizimu Afrika isihambe uhambo olude lokwehlukana nomlandu wobandllulo ngokobulili, umbala, nenkolelo. Izwe lethu liqhubekela phambili ngokuzinzile endleleni eqonde ekwamukeleni ubuntu nesithunzi sabo bonke abantu. Kulolu hambo lokuhlonipha ubuntu babo bonke abantu, kunosiko olusha lwamalungelo obuntu babo bonke abantu, kanye nokuhlonishwa kwesithunzi somoya wobuntu okuyiyonanto ebonisa ubuthina njengeNingizimu Afrika.
Imithombo yezimpawu zokwehlukana nesikhathi sayizolo, kwaba wukwenyuswa kweflegi entsha ngo-1994. Leso sikhathi saqinisa ukuziqhenya kwethu kanye nesithunzi sezwe elisimamayo neligubha umkhosi wesithunzi sabo bonke abantu. Kanti okunye kwaba wukusungulwa nokuphothulwa kweSiphandla esisha sezwe, esongamele umlando wabo bonke abantu bezwe, mhlaka 27 ku-April ngo-2000. Ngokwenza lokho, lokhu kubonelela bonke ubuhle be-Afrika, kanti futhi nezimpawu zayo ziba yingxenye yosiko olusha oluyisikhokhelo ekuzalweni nasemvuselelweni kabusha kweNingizimu Afrika. Iziphandla ezintsha zeZwe zesekelwe ngomoya waleyo mvuselelo yezwe.
Lesi Siphandla sinikezwa izakhamizi zaseNingizimu Afrika ezinobuciko nobugagu obuphezulu, kanti futhi abafinyelele kumpumelelo yezinga eliphezulu ngokungavamile.
Mapungubwe - UbuKhosi baseMapungubwe babutholakala enyakatho nezwe lethu eminyakeni eyinkulungwane edlule. Lobu buKhosi babunombuso owawunobukhaliphi obumangazayo, kanti futhi buthuthuke kakhulu ngakwezolimo. Kanti lobo bukhosi babuye babanezimayini kanye nemboni yezensimbi. Lobu buKhosi babuhwebelana namazwe akude anjengoShayina. Ngalesi sikhathi lobu buKhosi, babunolwazi beqophelo eliphezulu ngezokucabanga ngokujulile kanye nobuhlakani bokuqamba izinto ezintsha.
Intatshana yaseMapungubwe - Siyisizinda nesendlalelo, intatshana yetshe lenhlaba etsheni elikhafulwe wudaka, endaweni eyomile newugwadule, engatholi kahle izimvula zasehlobo, okubonakale ngesikhathi kumbiwa kubonise ubuciko obukhulu obabutholakala endaweni yemvelo kodwa enezimo ezinzima.
Intonga yobuKhosi baseMapungubwe - nayo itholakale embizeni yokuncibikelisela igolide kuzo zombili izinhlangothi - okungenye yezinto ezazenziwa eyatholakala ethuneni elambiwa kuleyo ndawo okwakumba khona izazi ngokumba izindawo zakudala. (excavation site).
Imbiza ehlotshisiwe yokuncibikalisa igolide - ubume benxa-fanana obubonakala embizeni echichimayo yokuncibikalisa igolide bukhombisa inala yobuciko, isayensi nekhono lokuqamba izinto ezintsha, okuwubufakazi bempumelelo yakudala kwezokukhiqizwa kwensimbi.
Ukuphuma kwelanga - kukhombisa ukusa kabusha e-Afrika.
Iziko lokuncibikalisa insimbi - ukuhlanzekisa kanye nokuthokomalisa impilo komlilo, owawusetshenziswa ukusukela emandulo, kanye nempumelelo eqhubekela phambili kanye nobuciko nobugagu emiphakathini yonkana.
Lesi siphandla sinikezwa izakhamizi zaseNingizimu Afrika ngemisebenzi yabo yezinga eliphezulu. Le misebenzi kumele kungabi nje yimisebenzi evamile kodwa engaphezu kokuvamile, kanti futhi abantu abangayenzi nje ngoba bezokhokhelwa kodwa abayenze nangaphezu kwalokho okuvamile nokulindelwe.
ugqozi kwezetheknoloji, kanye nokusebenzela imiphakathi.
Siyisihlahla esibaluleke kakhulu kwezolimo lwamahlathi. Sisiza ngamaxolo enza indwangu kanye nezintambo, izithelo kanye nomlilo, kanti futhi nezinye izinto eziningi eziwusizo.
IBaobab (iBaobab noma i-Adonsonia Digitata) - saziwa ngezimpande zaso kanye nempilo yaso ende. Sisiza ngomthunzi kanye nangendawo okuhlanganyelwa kuyo, kanti futhi sibaluleke kakhulu ekusekeleni imiphakathi lapho esitholakala khona.
Umumo wezinhlangothi eziyisishagalolunye - umumo wejiyometri wezinhlangothi eziyisishagalolunye uwuphawu lwemikhakha eminingi ehlukene lapho okungenziwa khona imisebenzi eminingi ekwakheni isizwe esisimeme nesiqhubekela phambili. Lolu phawu, lubuye lumele amaprovinsi (izifundazwe) eziyisishagalolunye zezwe lethu.
Lesi Siphandla sinikezwa abantu bamazwe angaphandle (Abaholi boMbuso noHulumeni, nabanye abahlonipheki bangaphandle) ngokubonisa ubudlelwane neNingizimu Afrika. Kungakho siyisiphandla soxolo, insebenziswano, kanye nophawu lokubonisa ukubumbana nokusekelana. Isiphandla siwuphawu olubalulekile lobudlelwane namazwe omhlaba.
Imiklomelo emibili yokuqala ibandakanya izigaba ezine: udondolo, ibheji yasentanyeni, isiphandlana esincane, kanye nesipeledu esifakelwa ezambathweni esimise okwembali (lapel rosette). Isiphandla sokugcina sinezigaba ezintathu: ibheji egaxelwa entanyeni, isiphandlana esincane, kanye nesipeledu esifakelwa esambathweni esimise okwembali.
Umajola (inyoka etholakala endundumeni) - Inyoka evakashela izingane ezisanda kuzalwa. Ayilimazi ingane noma amalunga omndeni, kanti futhi indlela yokuxosha lenyoka wukuthi umama wengane ayiputshuzele ngobisi lwebele. Le nyoka ivakashela ingane ukuyilungiselela ukuba nekusasa elihle neliphephile ebudaleni bayo. Iza njengomngani nomvikeli. Ubungani ebubonisayo, abusekelwe kumusa omuhle kodwa, busekelwe kumdlandla wokubonisa ukusekelana kanye nokufuna ukusekela kanye nokukhuthaza impumelelo yekusasa yabantu abasha kanye namalunga omphakathi asakhulayo. Le nyoka ihlala njalo isemlandweni wabantu ngenxa yendaba eyabhalwa kudala edumile egama layo lithi: The wrath of the Ancestors (Ulaka lwamadlozi/ lwabaphansi), eyabhalwa ngu-AC Jordan. Le ndaba icikela phansi umbono wokuthi inyoka yinto eyingozi nenoshefu, kodwa ikhombisa umbono onabile we-Afrika, oqondisisa inyoka njengomngani kanye nelunga eliyizinto nengxenye yendalo okumele kuphiliswane nayo.
Udondolo - olubazwe lwacijiswa, luvela okhunini olumnyama, lwesihlahla sase-Afrika, esiwuphawu lobuhlobo ekusekeleni kanye nakunsebenziswano ekhonjiswe ngabangani, kanti futhi lubonisa ukuzimisela ukusekela kanye nokuma nalabo abasisekele nathi.
